09/04/2024
Kunezimo ezikushayile izolo
Kunabantu obubathembile bakudumaza
Kunomsebenzi okulahlekele
Kunetender ongalitholanga
Kunepromotion ongayitholanga
Ushiwe ubaba wengane
Washiywa umama wengane
Waxoshwa kini
Umhlaba usuwubona uyisiqalekiso kuwena
Wonke umuntu usekuqambe amangama ngokuhluleka kwakho
Usugule isikhathi eside waze waba isicefe kwabakunakekelayo.
Sebekungcwabile uphila abantu.
Kwananye usufana nendlu yokuzikhulula
Uze ungalilahli ithemba ithemba, ngizwe mangithi kuwena ngesimo esikuvelele kunenkazimulo okumele yambulwe ngawe, uNkulunkulu akayiqali into engakayiqedi, wena you are just walking through, asizile ukuzokubulala lesosimo okuso kodwa kunezinto ezinkulu ezizokwambulwa ngawe. Abakushiyayo bayeke bahamba indima yabo isiphelile, yonke into ine expiring date, abakuhlekile bayeke maduzane bayobe bekushayela izandla, sbakuqambe amagama ngokugula kwakho kusasa bayobe bekubiza Mr or Mrs, kukhulu okubekiwe kuwena ngalolusizi okulo nodlule kulona, ungalilahli ithemba akuqali ngawe baningi abahlulile kusona nawe uzokuphuma kuso maduzane. Konke kunesizathu, masesambuliwe kuwena uzokuba nokuqonda kungani udlulile ezintweni ezinzima kangaka.
Bekezela sekuzosa nakuwena, kubamnyama kakhulu masekusa kodwa ukusa nokuphuma kwelanga sekuseduzane kakhulu kulesisimo sakho, ungapheleli endleleni sihlobo sami amazulu akuthembile, kunezinto ezinkulu ezibekiwe kuwena.
Don't Give Up Sihlobo Sami